Pretoria – Owesifazane
wasePretoria West utholakale eshonile ngoMsombuluko ngemuva kwengxabano abenayo
nomyeni wakhe.
Kubizwe
amaphoyisa endaweni yesehlakalo ngemuva kokuba omakhelwane bezwe lezi
zithandani zixabana.
Okhulumela
amaphoyisa uConstable Tumisang Moloto uthe ngesikhathi amaphoyisa efika, umnikazi
womuzi uwatshele ukuthi umkakhe,47, ufune ukuzibulala ngemuva kokuba nengxabano,
futhi uzivalele ekamelweni.
Funda nalolu daba: Owe-ANCYL omisiwe ukhala ngokuthelwa nge-coffee
"Amaphoyisa
nomyeni baphuthuma endlini, kodwa umkakhe akazange avule emnyango wasekamelweni.”
Umyeni
namaphoyisa bagqekeze umnyango bahlangabezana nesidumbu phansi, kubika iPretoria News.
"Amaphoiyisa
athole isisulu sidindilize phansi kugcwele negazi. Besinenxeba lokugwazwa
esifubeni kanti eceleni kwakhe bekunommese.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).