Utholakale esezikhungile owaseVryheid osolwa ngokubulala intombi

2016-07-11 14:31

Durban – Bamthole elenga ehlathini owesilisa waseNgome, eVryheid, osolwa ngokubulala intombi yakhe ngokuthi ayiklabhe phambi kwabantu bakubo.

UPitso Khumalo kuthiwa ubulale intombi yakhe ngoLwesithathu ethi “ufuna ukuyikhipha ukusa” ngoba imalile.

Lo wesifazane obulewe kuthiwa besekuphele isikhathi eside ahlukana nesoka, yingakho kuxaka ukuthi lenze lo monakalo manje.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owabulala intombi walala nesidumbu

“Sekunesikhathi eside bahlukana ngenxa yokuthi uPitso ubemhlukumeza uLungelo, wase enquma ukuthi bahlukane,” kusho owomndeni ongathandanga negama lakhe ekhuluma neSolezwe.

Leli lungu lomndeni liqhuba ngokuthi uKhumalo engakazibulali ubehambe eqhosha kubantu ethi wabulala owayeyintombi ngoba emlaya, hhayi ngoba ubesamthanda.

Owamaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe bayaphenya ngokufa kwalaba bobabili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.