Uthole ibheyili osolwa ngokudlwengula umzukulu kaNgqongqoshe

2018-02-19 16:00

Johannesburg - Indodana yenkakha yekilabhu kanobhutshuzwayo, i-Orlando Pirates, ichithe ubusuku obubodwa esitokisini ngezinsolo zokudlwengula umzukulu kangqongqoshe waseGauteng.

Lesi sigameko sokudlwengula kuthiwa senzeka emzini wale khakha yeBhakabhaka ngoFebhuwari 2016, isisulu sineminyaka engu-13 ubudala.

Kubikwa ukuthi isisulu sake sazama ukuzibulala kulandela isigameko kodwa sangawutshela umndeni waso ukuthi sihlushwa yini emoyeni njengoba size sagonyuluka ngalolu daba kumngani waso esifunda naye esikoleni.

Umngani kubikwa ukuthi nguye otshele umndeni wesisulu.

OLUNYE UDABA:Umzukulu kaMandela useboshelwe elesondlo

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLungelo Dlamini uqinisekise ukuthi indodana yale nkakha iboshwe ngeSonto yavela enkantolo ngoMsombuluko.

"Idedelwe ngebheyili yemali ka-R3 000, icala labe selihlehliswa," kusho uDlamini.

UNgqongqoshe, ongugogo wesisulu ohlangothini lukayise womtwana, ukhihle isililo wangakwazi nokuphawula ngodaba ngesikhathi ebuzwa ngalo.

Uninakhulu wesisulu utshele iSunday World ukuthi isisulu sake sazama ukuzibulala ngo-2016 saze sangeniswa esibhedlela.

Uthe umzukulu wakhe wayeye ephathini nabangani bakhe ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.