Uthole ibheyili ugogo 'owabulala' umzukulu wakhe

2018-03-27 14:03

Durban - Udedelwe ngebheyili owesifazane osolwa ngokubulala umzukulu wakhe oneminyaka emithathu ubudala ngesikhathi evele enkantolo.

UMartha Zungu uvele enkantolo eMtubatuba enyakatho yeRichards Bay izolo (ngoMsombuluko).

UZungu udedelwe ngebheyili yemali engu-R1 000, icala lakhe lahlehliselwa umhlaka-3 Meyi ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele ubaba 'obulale' ingane wathi yebiwe umqwayizi

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe lo gogo oneminyaka engu-77 ubudala uboshwe ngesonto eledlule ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kukaGamelihle Mdletshe.

Isidumbu salo mfanyana satholwa ngoDisemba sishumpuliwe emfuleni iNyalazi ngemuva kwezinsukwana kubikwe emaphoyiseni ukuthi udukile.

Ayicaci imbangela yesigameko.

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.