Uthole isibhaxu obanjwe nemiqhafazo enconywa yishende

2016-08-12 20:31

Bulawayo -  Intombi ehlala nesoka ibhaxwe yisoka layo kanzima kulandela ukubonakala kwemiqhafazo evela kwishende incoma ucansi lwayo.

UNkosinothando Ncube oneminyaka engu-24 ubudala ubesebenzisa iselula oyedwa noMenelisi Khumalo oneminyaka engu-27 ubudala waseNyathi.

Ngokombiko weB-Metro uNcube uthe imiqhafazo bekungesiyo eyakhe, akayazi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ogwaze umkakhe kubangwa isikweletu

 UKhumalo uvele wamushaya wase enyamalala waboshwa sekuphele inyanga kwenzeka isigameko.

Enkantolo, uKhumalo uthe: "Kwakufanele ngimuzwise amaswidi ngangidiniwe ngemuva kokuthola umqhafazo owawuncoma ngenkonzo yasekamelweni.

"Ngazizwa ngiphendulwe isiphukuphuku ngemuva kokuqeda amalobolo kodwa yena uyangijolela."

Izizathu zikaKhumalo enkantolo azimusizanga njengoba egwetshwe izinsuku ezingu-30 ebhadle ejele, kubika iBulawayo24.



- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.