Uthole ithuba lokudlala phesheya umdlali odume ngokuhlupha

2017-08-02 09:36

Johannesburg - Ikilabhu yasePoland iProch Pionki isiyikhaya elisha likaMkhanyiseli Siwahla ngemuva kokuba lo mdlali esayine isivumelwano nayo.

USiwahla, 28, wenze kahle kakhulu ngesikhathi eyozama inhlanhla kule kilabhu edlala kuPolish League IV, nokwenze yamnikeza inkontileka ukuze ezovuselela kabusha ibhola lakhe.

Lo mdlali owayegijima kwi-Ajax Cape Town utshele iSoccer Laduma ukuthi, “Ngijabule kakhulu ngokuthola ithuba lokuqala kabusha empilweni. NgisePoland, kuyangijabulisa ukuba lapha. Sengikhulile manje futhi sengiphilela nomunye umuntu. Senginengane okumele ngiyinakekele. Impilo ayisafani nakudala ngesikhathi ngisaziphilela mina kuphela. Enginakho manje kumele ngikwabele nendodana yami,” esho.

OLUNYE UDABA: Uphika uma ngentaba osolwa ngokudayisa amathikithi omgunyathi

USiwahla useke wadlalela amaqembu afana neBloemfontein Celtic, Chippa United kanye neMpumalanga Black Aces.

“Ngizoqala kwiligi ephansi lapha (ePoland). Lesi yisinqumo engisithathile – ukuqala kabusha. Ngifuna ukukhombisa ithalente lami. Ongifunayo ngokuzayo kuzomele angithenge kule kilabhu. Isivumelwano esinaso ngesokuthi bazongidedela uma kukhona amaqembu angidingayo.

Uthi iProch Pionki izisholo kwayona ukuthi akumfanele ukudlala kule ligi ephansi kangaka kodwa uyikhethe ngoba efuna isiqalo esisha futhi akhombise nokubonga kwakhe kuleli qembu ngokumnikeza ithuba lokuzilolonga nalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.