Uthole ukugxekwa umsakazi ‘ocwase’ abesifazane

2017-01-24 14:30

Cape Town – Umethuli wezinhlelo zomsakazo ohlale esematheni, uGareth Cliff, usethole okukhulu ukugxekwa ngokucwasa kanye nokuhlambalaza abesifazane abakhuluphele.

Lo msakazi ubephawula ngemibhikisho ebiphikisana nokugcotshwa kukaMengameli omusha waseMelika, uDonald Trump, nebiqhubeka emazweni ahlukene ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Owama-Idols uphika eyokufakela uzakwabo isidakamizwa esiphuzweni

UCliff ube esefaka isithombe esinombhalo (meme) enkundleni yezokuxhumana u-Instagram nalapho ethe: “Ngosuku olulodwa uTrump ukwazile ukuhlanganisa abantu abesifazane abakhuluphele ngokweqile ukuba bahambe (bazivocavoce) okuyinto uMichelle Obama (unkosikazi wobenguMengameli waseMelika, uBarack Obama) ahlulekile ukuyenza eminyakeni engu-8.”

Lo mbhalo ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bewuchaze “njengongenanhlonipho”.

Abantu baphawule kanje:

“Lokhu kuwukudelela futhi ukucwasa ngokobulili kanti kungesinye sezizathu sokumasha kwabesifazane abaningi kangaka.”

“Kunezinto eziningi emhlabeni ongahlekisa ngazo, ukucwasa ngokobulili akusiyo enye yazo.”

“Ukukhuluma ngokuhlambalaza ngomzimba. Angikuboni lokhu kuhlekisa nhlobo. Ukubiza abantu ngendlela ababukeka ngayo akuhlekisi nhlobo.”

“Sengilahlekelwe iyona yonke inhlonipho ebenginayo ngawe.”

Nasi lesi sithombe esihambisana nombhalo esisuse umsindo:

A photo posted by Gareth Cliff ? (@grcliff) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.