Utholwe elenga ethoyilethi umfundi owenza uGrade 1

2017-09-12 19:30

Johannesburg - Ingane eneminyaka engu-6 ubudala eyenza uGrade 1 esikoleni iDorothy Langa Primary eZone 2, eSeshego, eLimpopo, itholwe ilenga ethoyilethi.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe, uthe umfundi ucele ukuya endlini encane, kanti ngesikhathi engasabuyi ekilasini, kuthunyelwe omunye umfundi ukuba ayomubheka ngoLwesihlanu, kubika iReview Online.

OLUNYE UDABA:Ingane,11, izibulele ngoba isaba uthisha wezibalo

"Umufi uphuthunyiswe emtholampilo lapho ehlonzwe khona njengoshonile," kusho uNgoepe.

Imbangela yesigameko ayikaziwa, kodwa amaphoyisa athi ayaphenya.

UNgoepe uthe amaphoyisa asigxekile lesi senzo sobudedengu bengane nesimo esingagculisi sezokuphepha kwayo. 

"Umphakathi, kubalwa nothisha, balulekwe ngokubaluleka kokubeka ukuphepha kwezingane phambili. Bayalelwe nokuthi baqaphele ukuthi zikuphi futhi zenzani ngaso sonke isikhathi ukugwema izigameko ezifana nalesi," ephetha.

Kwesinye isigameko ngasekuqaleni kwale nyanga, ingane yomfana eneminyaka engu-9 ubudala ebifunda esikoleni esiseMpumalanga yatholakala izilengisile emagcekeni esikole.

Kuthiwa le ngane yayenza uGrade 2 eKhulamlambo Primary School.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.