Utholwe eseyisidumbu uthisha obedukile

2017-10-26 09:37

Rustenburg - Uthisha waseNorth West owaduka ngempelasonto utholwe eseyisidumbu ngaphandle kwaseMahikeng ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa aseNorth West.

"Amaphoyisa eMahikeng aphenya icala lokubulala nokuthumba ngemuva kokutholakala kwesidumbu sikaThulisile Ngwenya, 56, ebesesonakele ehlathini eduzane naseLorwaneng village ngoLwesithathu," kusho uCaptain Yvonne Maqoboza.

UNgwenya kwabikwa ukuthi udukile ngeSonto, wagcina ukubonakala ngoMgqibelo ekuseni, ngesikhathi eya ebhange eMahikeng.

OLUNYE UDABA:Kuduke owesifazane wesibili emvuleni e-KZN

Imoto yakhe yohlobo lweMazda CX3 yona yatholwa ipake eduzane nerenku yamatekisi eMahikeng, kusho uMaqoboza.

UNgwenya ubenguthisha esikoleni iLekoko Primary ngaphandle kwaseMahikeng. Isidumbu sakhe ebesesonakele sitholwe ngumuntu olusayo.

"Amaphoyisa anxusa amalungu omphakathi ukuba asebenzisane nabo, lowo onolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe izigilamkhuba abikele amaphoyisa."



 - African News Agency

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.