Uthukile umndeni kulandela ukubulawa kukasomatekisi nendodana eBerea

2018-03-24 08:22

Johannesburg - Kubulawe usomatekisi kanye nendodana yakhe eneminyaka engu-14 ubudala ngaphandle komuzi wakhe oseBerea ngoLwesihlanu.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseHillbrow uSergeant Mduduzi Zondo, isigameko senzeke ngezithuba zabo-12:45, ngesikhathi laba bobabili behlezi emotweni ngaphandle komuzi osekhoneni likaSoper noTudhope Road.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa omunye usomatekisi e-KZN

Kusolwa ukuthi lo somatekisi uhlaselwe ngabasolwa abathathu abangaziwa bamdubula kanye nendodana yakhe, amahlandla amaningi, bedutshulwa umsolwa oyedwa ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko.

Lo baba nendodana yakhe bashone ujuqu khona endaweni yesigameko.

"Umndeni uthukile kulandela isigameko. Akucaci ukuthi abasolwa babaleke ngemoto yini. Isigameko kukholakala ukuthi sihlobene nodlame lwamatekisi njengoba umufi ebengusomatekisi," kusho uZondo.

Okwamanje akukaboshwa muntu kodwa kuphenywa amacala amabili okubulala.



 - iol

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.