Uthukuthele umndeni wetombazane, 14, ehlala nesoka, 36

2018-01-04 16:03

Johannesburg - Umndeni wentombazane eneminyaka engu-14 ubudala ufuna ubulungiswa ngemuva kokuthola ukuthi ithandana nendoda endala engaba uyise kuyo.

Lo mndeni waseGa-Rapitsi eMoletjie Village, eLimpopo, uthe intombazane isiyathutha ekhaya yayohlala nale ndoda eneminyaka engu-36 ubudala.

U-anti wengane oneminyaka engu-45 ubudala uthe uthole ngalolu daba ngo-2016. Le ndoda yaboshelwa ukudlwengula kodwa yaphuma ngebheyili.

"Ngayibuza ukuthi iphumaphi ngoba kwase kuhlwile ngikhatahzekile," kusho u-anti, ongunesi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa nojele ngokulala nengane ena-14

"Yangitshela ukuthi iphuma esokeni. Ngathuka ngizwa ukuthi nayo  isifunde ukwenza ucansi."

Umndeni wavulela umsolwa icala. Waboshwa kodwa wadedelwa ngebheyili.

"Lokho akuzange kumvimbe ekutheni aqhubeke abonane nale ngane," kusho u-anti.

"Le ngane yathutha yayohlala nale ndoda nabazali bayo.

"Isencane le ngane futhi ngibona engathi ulibulele ikusasa lengane. Ayisasilaleli futhi ayisahloniphi."

Uthe le ndoda isiyekise ingane isikole.

"Ngifuna ivalelwe ejele ingunaphakade ngoba ukuboshwa okokuqala akumfundisanga isifundo," usho njalo.

Umama womsolwa utshele iDaily Sun ukuthi akahambisani nalobu budlelwano njengoba ingane isencane.

Uthe wazama ukuba iphele lento ngoba ifaka imindeni yomibili ehlazweni futhi usefuna umthetho udlal;e indima yawo.

Okhulumela amaphoyisa eLimpopo uColonel Moatshe Ngoepe uqinisekise ukuthi umndeni wavulela umsolwa icala.

Icala selidluliselwe kwabeFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences unit ukuze bezophenya, kusho uNgoepe.

Umsolwa uzophinde avela eNkantolo yeMantshi yaseSeshego ngomhlaka-14 Mashi.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.