Uthungele umuzi ngomlilo ofice umyeni ehlezi neshende

2016-07-07 20:31

Nakuru – Kuphambane izinkomishi ngesikhathi owesilisa waseKabatini, eKenya, ecela intombi yakhe ukuba imvakashele ngemuva kokuhamba kukankosikazi wayo.

Kuthiwa le ndoda vele idume ngokuthi kayidlulwa siketi endaweni.

Le ndoda yabizela kwayo umakhwapheni kulandela ukuthi unkosikazi eye kubo ngenxa yokuvela kwesifo.

Omakhelwane abangawuthandanga umkhuba wale ndoda, babe sebeshayela unkosikazi ucingo bamtshela ukuthi akabuye ngoba kuyonakala emzini wakhe.

OLUNYE UDABA: Uzobhadla ejele owabulala ishende likankosikazi

Unkosikazi akabange esalilinda ibhadi, wanikela emzini wakhe – wathi uma efika wazithela phezulu komyeni wakhe ehleli nentombi.

Kwachitheka gula linamasi, unkosikazi washaya intombi wase okhela umuzi ngomlilo ngenxa yokudinwa.

Ebuzwa lo wesilisa ngalesi sigameko, uthe kungamanga ukuthi umuzi wakhe ushiswe ngoba nakhu etholakale neshende.

“Bangidlela umona kule ndawo. Umuzi wami ushiswe yizitha zami,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.