Uthwele kanzima ohlezi eculelwa otokoloshe

2016-04-26 13:33

Johannesburg - USkhumbuzo Shongwe oneminyaka engu-32 ubudala waseLawley, eningizimu neGoli uyazifela ngomculo kodwa otokoloshe abangu-8 abaculayo emzini wakhe abamniki ukuthula.

Labotokoloshe bacula umculo kamaskandi, badanse bashaye nezandla bajabule kubemnandi.

Kodwa uma sebeqedile bayaqala bamthuke baphinde bamshaye.

OLUNYE UDABA: Umndeni uthi uhlushwa wutokoloshe

UShongwe, uthe usehlale iminyaka emihlanu ephila kanzima, ebukela labotokoloshe benandisa emzini wakhe.

"Bacula amaculo afana no-Uyinyamazane, Izembe Lbekiwe noNgafam" usho njalo.

Kodwa ngemuva kwesikhashana bayaqala mamuthuke, bambize ngenja baphinde bamgcone ngesitho sikamama wakhesangasese.

UShongwe uthe wake wababuza ukuthi bafunani kodwa bamuziba, kubika iDaily Sun.

"Akekho umuntu wesifazane ofuna ukujola naye ngenxa yalabo tokoloshe.

"Uma ngibingelela abantu besifazane bavele bangizibe sengathi ngiyanuka," usho kanje.

"Ngiyisangoma kodwa anginawo amakhasimende ngenxa yotokoloshe, emgwaqeni abantu sebake bangishaya ngempama ngaphandle kwesizathu kanti manje usephatha ummese ngenhloso yokuzivikela.

UShongwe uthi usekewaya ngisho nasezangomeni efuna usizo kodwa labo tokoloshe banamandla kakhulu.

Isangoma uJabulani Mthimkhulu saseSoweto sithe otokoloshe bengayimosha impilo yomuntu.

"Kufanele athole isangoma esazi kabanzi ngotokoloshe.

"Kunzima ukulwisana notokoloshe kodwa uShongwe engalapheka."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.