Uthwele kanzima umndeni wentombazane enenkinga yokuvutha

2017-12-14 11:00

Durban - Kubanjwa kuyayekwa emndenini wakwaNdawonde eMuden, maphakathi neKwaZulu-Natal, osuphelelwe yizindlu okuthi uma kuke kwangena indodakazi yakhona ilandelwe wumlilo okusolwa ukuthi udalwa wukuthi iloywe ngesilwane.

Lo mndeni usenkingeni njengoba uthi kawusazi ukuthi kumele wenzenjani ngoba usuhambe abantu abaningi abathandazayo kuzanywa izaba kodwa lutho umehluko.

ILANGA lizifikele mathupha kulo mndeni obuhleli endlini eyodwa esisele, lathola ukuthi udliwa yingebhe njengoba ngoLwesihlanu kushe izindlu ezimbili ezifulelwe ngotshani zaba wumlotha kwathi ngeSonto kwasha enye nempahla yonke phakathi.

Umndeni uthi lokhu kugula okuhlasele indodakazi yawo enguNkz Nompilo Ndawonde, 18, sekuholele ekutheni nomphakathi usabe ngisho ukusondela kuwona. Kuthiwa le nto iqale ukwenzeka kuNkz Ndawonde ngonyaka odlule ekoninalume oPhathe, lapho abefunda khona.

Kuvela ukuthi kulahleke isicathulo sakhe sesikole wabe esephathwa yizinyawo. Emuva kwezinsukwana uvuke ekuseni esegcatshwe umzimba wonke, izinhlanga zisezintsha zisavuza igazi. Ngakusasa lo mndeni uthi uvuke ekuseni izimpahla zikaNkz Ndawonde sezibethelwe emnyango wena owabona isikhumba sembuzi uma kuhlatshiwe.

Unina kaNkz Ndawonde, uNkz Nelisiwe Langa, 43, uthi kumhlukumeze kakhulu okwenzeka enganeni yakhe wabe eseyihambisa esontweni yakhulekelwa kwathiwa kakukho lutho oluzokwenzeka.

Uthi emuva kwesikhashana kade kukhulekiwe, kuvele kwavutha isikhwama sengane yakhe iya esikoleni, okuyilapho eqale khona ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Utshele ILANGA ukuthi akapholisanga maseko, uvele wanikela KwaNobamba, eWeenen, kumthandazi kwathi uma ingena endlini indodakazi yakhe, yasha yaphela.

"Umthandazi uthe naye uyehluleka ngoba bese kushe indlu wabona ukuthi zizophela nya izindlu zakhe. Ngiyithathile ingane ngayoyilaphela ekhaya lapho ngizalwa khona, nakhona kwasha izindlu ezimbili. Ngiyithuthile ngayohlala nayo la ngiqube khona ngokwetoho, nakhona kwaba yiso leso, yasha yaphela indlu," kusho uNkz Langa.

Umndeni uthi uma kuke kwangena le ndodakazi yawo endlini, kulandela umlilo ngemuva. Uveze nokuthi kawusenayo nemali, kuvele kuse ingekho esikhwameni. Isikhwama sitholwa sesilahlwe emnyango kanti kwesinye isikhathi bayibona isibekwe phezu kwetafula, singasekho isikhwama.

"Uma sekuqubuke umlilo kakuphumi lutho ngendlela onelangabi ngakhona. Uma nje uke wathi umemeza abantu, kuvele kube sengathi uwubasela kakhulu. NgeSonto kushe nezimpahla zesikole zezingane, kangisazi kumele ngenzenjani, ngiyafisa ukuthola abantu abangangisiza. Kwesinye isikhathi silala sinamafoni sivuke engasekho, siwabheke size siyeke. Kuyothi ngakusasa siwabone esebuyile," kusho uNkz Langa. 

ILANGA lifike kubekwe imali engango-R200 etafuleni othe umndeni uyasaba ukuyisebenzisa ngoba ibinyamalele yabonakala isibekwe phezu kwekhabethe. UNkz Ndawonde uthi akukho buhlungu abuzwayo emzimbeni.

"Le nto engiphethe ingenza nami ngisabe manje ukuphila emphakathini. Ngelinye ilanga ngivuke ekuseni nginomuthi omnyama olimi, ebengizwile ngifunzwa wona ebusuku," kusho uNkz Ndawonde.

Le ndaba idumile kule ndawo, kubatshazwa umhlola wento engakaze ibonakale.

UMnu Sazi Mhlongo ongumholi wabelaphi bendabuko KwaZulu-Natal, uthi lo mndeni ubhekene nenkanankana yomthakathi. “Ingane ithunyelelwe ngesibango esihambisana novutha. Ngingabasiza ngezaba bese bebona-ke ukuthi kawukho yini umehluko," kusho uMnu Mhlongo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.