Uthweswe elokubulala ngokungenhloso umshayeli weveni eKZN

2016-07-12 07:10

Johannesburg - Umshayeli weveni elidlule nabantu abangu-11 eHarding KwaZulu-Natal uthweswe amacala angu-11 okubulala ngokungenhloso.

Abantu abangu-7 kwabangu-11 bangamalungu omndeni owodwa. Kubalwa nengane enezinyanga ezintathu izelwe, eneminyaka engu-3 ubudala neneminyaka engu-14 ubudala.

OLUNYE UDABA: Kushone indoda iveni ligqamuka ilangabi

Abanye abantu ababili basesimeni esibucayi esibhedlela. Abantu abangu-23 babebuya esontweni begcwele ngemuva evenini ngesikhathi iveni liginqika.

UThandi Cele, umama wezisulu ezintathu uthi ubuhlungu emoyeni.Nakuba ingakacaci imbangela yengozi abasinda bathi umshayeli wahluleka ukujika ejikeni.

Iziphathimandla zithi zifuna ukuqeda ukuthwalwa kabantu emavenini, kubika i-SABC.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.