Uthweswe iziqu zobudokotela wesayensi ona-28

2017-09-20 14:01

Durban - Indodana yowesimame osebenza emakhishini kanye nobaba osebenza ingadini, ibengumfundi omncane kunabo bonke ukuthweswa iziqu zobudokotela enyuvesi i-Cape Peninsula University of Technology.

ULukanyo Mekuto‚ 28, oyiBiotechnologist ‚uthwese iziqu ze-PhD ngocwaningo alwenze ngama-micro-organisms ngamanzi asezimayini.

Ngesikhathi kuthweswa iziqu uMekuto ubeseBloemfontein eyokwamukela umklomelo kwabeNational Research Foundation ngomsebenzi ofanayo.

OLUNYE UDABA:Wethweswe iziqu zeLaw okhule kubo bepatanisa

Lolu cwaningo walenza ngemuva kwesigameko sokufa kwezinkomo ezaphuza amanzi anoshevu asemayini.

“Umcimbi uhambe kahle kakhulu. Ngithokoze kakhulu ngomsebenzi wami nokuthi ukuzimisela kwami kungilethele impumelelo,” kusho uMekuto‚ ebalula nokuthi umndeni wakubo awukwazanga ukuhambela lo mcimbi ngenxa yokuxinwa wumsebenzi.

UMekuto uthi namanje usathungatha umsebenzi njengoba engenayo inhlanhla yawo. Uphinde wathi isimo sakubo asizange simthene amandla.

"Ngisizwe yisikhwama esilekelela abafundi i-NSFAS [National Student Financial Aid Scheme], eyangisiza kusukela ngenza i-BTech ngaze ngenza i-PhD‚ ngakho-ke bengingeke ngikwazi ukuba nezaba zokuthi uxhaso alukho," kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.