UTinkler uthi abakasinqobi isicoco se-CAF

2017-10-25 11:00

Johannesburg - Umqeqeshi weSuperSport United u-Eric Tinkler uyala ukuvumela ukutuswa kungene emakhanda abadlali bakhe njengoba besazilungiselela umdlalo wabo wokuqala wamanqamu eCAF Confederation Cup.

AMatsatsantsa amukelwe yinqwaba yabalandeli ngoLwesibili e-OR Tambo International Airport, ngemuva kokwehlula iClub Africain ngeSonto ebusuku eTunis.

I-United kungenzeka ukuba iqophe umlando ngesikhathi idlulela okokuqala kowamanqamu emidlalweni yase-Afrika, kodwa isahlalelwe umsebenzi omkhulu wokubhekana ne-TP Mazembe ngenyanga ezayo.

OLUNYE UDABA: Sake sayishaya iMazembe, ngakho singayiphinda - Tinkler

UTinkler, owayeqeqesha i-Orlando Pirates ngesikhathi behlulwa yikilabhu yaseTunisia i-Etoile du Sahel kowamanqamu ngo-2015, ukuqonda kahle ukuthi akumele bazithwale nakuba sebenze into abangakaze bayenze phambilini njengeqembu.

"Okubaluleke kakhulu ukuba sizithobe. Yebo, kuyancomeka ukufika kowamanqamu kodwa njegokuba nabadlali bazi kahle, asikanqobi lutho okwamanje,” kusho uTinkler.

Uthi uyawazi umuzwa wokufinyelela kowamanqamu kodwa angaphumeleli, ngakho abakudingi lokho, yingakho befuna ukuwina.

Ngakho uthi kuzomele bagxile kokumele bakwenze, bazithobe bakhohlwe yizinto ezikhulunywa ngabezindaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.