UTinkler uthi ingamampunge eyamahlebezi ngoBilliat

2018-01-26 13:59

Cape Town - Umqeqeshi weSuperSport United u-Eric Tinkler uthi ikilabhu yakhe ayinayo imali yokusayinisa umdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat.

UBilliat kubukeka sengathi uzoshiya kumaBrazilians lingakavalwa iwindi lokuthengiselana ngabadlali ngoJanuwari.

Abazithamundayo bathi lo mdlali usebheke ukuyodlala phesheya kwezilwandle manje, kepha amanye amahlebezi amkhomba emakilabhini e-PSL.

Izingqwele ze-Absa Premiership, iBidvest Wits, zingelinye lamakilabhu atshengise ukuthi angathanda ukusayina lo mdlali kanti kukholakala ukuthi i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs nabo bamgaqele lo mdlali odabuka eZimbabwe.

OLUNYE UDABA: I-SuperSport imemezele u-Eric Tinkler njengomqeqeshi omusha

Njengoba iSuperSport ikhulule yaphinde yadayisa abadlali abaningi, okubalwa kubo uJeremy Brockie oye kwiSundowns, uTinkler uyavuma ukuthi naye kuzomele aye emakethe ayoqalaza.

UTinkler nokho uthi angase aphoqeleke ukuthi ayobathungatha e-Afrika abadlali abafunayo ngenxa yokuthi abadlali be-PSL bamba eqolo.

Ube esethi ingamampunge eyokuthi basezinhlelweni zokusayinisa uBilliat: "Yebo, siyamdinga umdlali futhi akusensuku zatshwala sisayinise umdlali omusha kepha angifuni ukugeqa amagula ngoba sisasezingxoxweni."

Uthe nokho selidumela emasumpeni ngokusayinisa umshayeli omusha, wathi kodwa ngeke agagule magama.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.