Johannesburg - Umqeqeshi u-Eric Tinkler uthi ngeke
amenzelele uLennox Bacela kwiCape Town City Football Club.
UBacela uzilolonga
naleli qembu elisha laseKapa ngethemba lokuthola inkontileka ngemuva kokuba i-University
of Pretoria eyagawulwa yizembe ithathe isinqumo sokungamgcini.
Funda nalolu daba: Senizwe ihlaya isenzo seChiefs ngomdlali
Lo mgadli oneminyaka engu-33 ubudala wasebenza ngaphansi kukaTinkler
kwi-Orlando Pirates, kodwa lo mqeqeshi uthi ngeke amenzelele ngoba nakhu emazi.
“Uzozilolonga nathi,” kusho uTinkler kwiKickOff.com.
“Sisamhlola. Ngiyamazi, ngimazi kahle. Uzohlolwa ngendlela efanayo
nabanye abadlali.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).