UTrump uxoshe ongalandelanga umyalelo ngabokufika

2017-01-31 11:30

Washington – UMengameli waseMelika, uDonald Trump, usekhombe indlela iNhloko yeKhabhinethi, enqabe ukulandela umyalelo wakhe wokuthi kuvalwe ukuvakasha kwabantu abavela kwamanye amazwe eMelika.

Obambe njengo-Attorney General, uSally Yates, uyalele abameli boMnyango wezobuLungiswa ukuthi bayeke ukulokhu bevikela umyalelo wobuholi bukaTrump nomisa okwesikhashana uhlelo lwezokuvakasha eMelika uphinde uvimbela ukufuduka kwazo zonke izakhamuzi zasemazweni ayisikhombisa aphila ngokwenkolo yamaSulumane izinsuku ezingu-90. Kuthe kushaya uMsombuluko ibhantshi labe seligcwale umoya kuYates.

OLUNYE UDABA: Izinkulungwane zibhikishele ukuvalwa kwabokufika eMelika

“Obambe njengo-Attorney General, uSally Yates, udayise uMnyango wezobuLungiswa ngokuthi anqabe ukuqalisa umyalelo wezomthetho owakhelwe ukuvikela izakhamuzi zase-United States,” kusho uNobhala wehhovisi labezindaba eWhite House esitatimendeni.

Lokhu kwenzeka nje uTrump usengene esontweni lesibili kusukela egcotshiwe njengoMengameli omusha waseMelika kanti uyasivikela lesi sinqumo esesisuse umsindo sokuvalwa kwabokufika eMelika.

Lesi sinqumo siholele ekutheni kube nemibhikisho ezikhumulweni zezindiza ezehlukene eMelika kanti kuphinde kwaba nokukhathazeka ezithunyweni zaseMelika kanye nakumalunga eqembu lakhe uTrump.

UTrump uphikile ukuthi imibhikisho yasezikhumulweni zezindiza idalwe umyalelo wakhe ngabantu bokufika, wathi kube ngenxa yezinkinga ngamakhompyutha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.