'UTsekeleke ubengumuntu wabantu'

2017-08-13 15:31

Johannesburg - "Ngangikhona ngesikhathi umfowethu esethula."

Lawa ngamazwi kadadewabo kaTsekeleke omdala uDeliwe Matlebjane.

Ubekhuluma izolo emgcwabeni womfowabo, u-Anthony "Tsekeleke" Motaung, izolo (ngoMgqibelo).

UDeliwe uthe uTsekelele wayesezinhlungwini ngesikhathi eshona esibhedlela iVosloorus, eKurhuleni.

"Ngakhala zonke izinsuku. Ubuhlungu ayebuzwa nami ngangibuzwa ngokumbuka nje kuphela," esho.

Umngcwabo walesi sihlabani somculo weKwaito esesingasekho emhlabeni ububanjelwe eDominion Life Cathedra International Church eTembisa, eKurhuleni.

OLUNYE UDABA:UTsekeleke uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngempelasonto elandelayo

Abebekhuluma enkonzweni yomngcwabo, bachaze uTsekeleke njengomuntu obebathanda abantu, ikakhulukazi izingane.

"Ubebathanda abantu, nabo bebemthanda. Ubezwana nabo bonke abantu," besho.

UDJ Oskido, u-Eugene Mthethwa, uJairus noSpikiri  bebengabanye osaziwayo abebehambele umngcwabo.

Umfundisi uPaseka "Mboro" Motsoeneng, obekunguye obephethe inkonzo, uthe osaziwayo abaningi bebengekho emngcwabeni kaTsekeleke ngoba becabanga ukuthi uTsekeleke ubesephuphile.

"Othi ngibatshela abangakubuzanga, nabo bazophupha," kusho uMfundisi uMboro.

U-Eugene ekhuluma enkonzweni, uthe uphuma kude noTsekeleke. Uthe babenandisa naye ezindaweni ezehlukene futhi uTsekeleke ubehlezi engumuntu oyedwa kuzo zonke lezi zindawo.

Sekuyisikhathi sokuthi osaziwayo bazisondeze kuNkulunkulu, kusho u-Eugene.

"Ngiyaziqhenya ngoTsekeleke ngoba wamamukela uJesu ngaphambi kokusishiya emhlabeni," usho njalo.

U-Eugene uthe iningi losaziwayo aliyi ngisho enkonzweni ngoba beziqhenya.

"Ngikhuthaza abanye ukuba benze okufanayo nabo ngoba siyahamba emhlabeni. Akusizo ukuba ngusaziwayo emhlabeni ungabi nguye ezulwini," esho.

Izikhulu zikahulumeni ezihambele umngcwabo kaTsekeleke kubalwa kuzo uNgqongqoshe wezeMfundo, uPanyaza Lesufi, amakhansela nezinye izikhulu zaseKurhuleni.

UTsekeleke ufihlwe emathuneni aseMooifontein Heroes Acre, eKempton Park.

 - Sunday Sun


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.