UTsekeleke uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngempelasonto elandelayo

2017-08-04 12:32

Johannessurg - Kulindeleke ukuba abangani nomndeni womculi ongasekho emhlabeni u-Anthony "Tsekeleke" Motaung babe nenkonzo yesikhumbuzo emzini womndeni eTembisa ngempelasonto elandelayo.

UTsekeleke ushonele esibhedlela iVosloorus ngoLwesibili ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside, elwa nesifo sikashukela, kwaze kwaholela ekutheni ashumpulwe umlenze.

Ubesenezinyanga ezintathu engeniswe esibhedlela elashwa.

OLUNYE UDABA:Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokudlula kukaTsekeleke

UMax "Chief" Mjamba, ongumngani kaTsekeleke ekhuluma neTshisaLIVE, uthe lesi sihlabani sizobanjelwa inkonzo yesikhumbuzo ngomhlaka-12 Agasti, ngoMgqibelo ngaphambi kokuba sibekwe endaweni yaso yokugcina emathuneni iMooifontein eTembisa.

Abalandeli nabo bazolithola ithuba lokuvalelisa kuTsekeleke ngenkonzo yesikhumbuzo ezoba ngomhaka-9 Agasti kusukela ngezithuba zabo-12:00 ehholo lomphakathi iRabasotho khona endaweni. 

 - Sunday World

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.