Utshwala buyingozi kakhulu kubantu besifazane - Ucwaningo

2016-07-30 11:06

Johannesburg – Kuthiwa indlela umzimba womuntu wesilisa nowesifazane owakhiwe ngayo kwenza kube nezinto ezithile ezihlukile ngendlela umzimba owamukela ngayo utshwala.

Izinga leBlood alcohol content (BAC) liyehluka uma umuntu wesifazane esesikhathini ngoba umzimba ugcina amanzi amaningi ngalesi sikhathi.

Ngokwejwayelekile, abesifazane banamanzi amaningi ngesilinganiso esiphakathi kuka-10 no-15% emzimbeni uma beqhathaniswa namadoda, kanti uma besesikhathini – amanzi aba maningi kakhulu emzimbeni.

OLUNYE UDABA: Uganise indodakazi ngoba efuna utshwala bamahhala - Umbiko

Ngokusho kukaSolwazi uDenis Viljoen, onguSihlalo weFoundation for Alcohol Related Research (FARR), utshwala buthatha isikhathi esiyimizuzu engu-30 ukufika engqondweni, kanti buhlala isikhathi eside egazini uma obuphuzayo enamanzi amaningi emzimbeni.

“Ngenxa yokuthi abesifazane banamanzi amaningi emzimbeni ukudlula amadoda, lokho kusho ukuthi utshwala buyazwela kakhulu kubona,” kusho uViljoen.

"Ngisho owesilisa nowesifazane bangaphuza isikali esilinganayo sotshwala, utshwala buba buningi egazini lowesifazane ngoba buthatha isikhathi ukuthi betshiseke ngaphakathi," esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.