Uvaleke waphenduka iphaseji umgwaqo waseMpola ngenxa yesonto

2018-05-11 12:12

eThekwini - Uphila kanzima umphakathi waselokishini laseMpola eThekwini njengoba usuze wavaleka thaqa umgwaqo ngenxa yokwakhiwa kwesonto elikhulu kwaze kwavaleka indlela ehamba izimoto.

Le ndlela nokungumgwaqo 49 ngokwamabhuku omthetho ivaleke yaphenduka iphasiji elilingana ibhayisikili kuphela.

Lokhu sekuvele kwayenza yabanzima kakhulu impilo yezakhamuzi zakule ndawo ezithi zivaleleke emagcekeni nezimoto zazo.

Abanye bacelela izimoto komakhelwane emzini engenhla ngoba ayikho indlela yokuthi zingabuye zipake emagcekeni.

UBaba uBobo Hadebe oseyikhehla eliqinile uthi kabakhaleli izimoto zabo kuphela abangasakwazi ukuhamba ngazo ngoba akukho lapho ezingahamba khona.

Kodwa okubuhlungu kakhulu wukuthi izimoto zabosizo lokuqala, kazikwazi ukufinyelela kubo naomakhelwane uma kukhona oxinekile.

“Ngelinye ilanga kwenzeka into ebuhlungu kabi lapha, omunye womakhelwane wayegula ebangwa nezibi kwaze kwabizwa i-ambulensi.

“Le ambulensi yafike yama le phezulu ngesimo sokuthi ayikho indlela yokuhamba lapha. Kwadingeka ukuba amakhosikazi endawo alekelele umakhelwane kuqutshulwe le ndoda ihanjiswe kwabosizo lokuqala le phezulu.

Isimo sakhe sasisibi kangangokuthi umphefumulo wesiguli waphumela emhlani kamakhelwane okwakunguyena owayemubelethile bemuphuthumisa phezulu.

Kwathi kusenjalo, kwaqala enye inkinga yokuthi kwamoto yomngcwabo eyayizolanda isidumbu, kayikwazi ukungena. NgoLwesihlanu isidumbu sifika, kwasebenza omakhelwane besilanda le phezulu besingenisa eKhaya.

NgoMgqibelo sekuphuma umngcwabo, kwaba yileyo ndaba yokukhuphula isidumbu sihanjiswa le phezulu ngoka kayikho engenayo futhi kayikho ephumayo imoto kule ndawo.

UBaba uHadebe uthi sekwaze kwaguga izicathulo behambela kwaMasipala bedinga usizo.

“Okubuhlungu kakhulu wukuthi sesaze sabiza o-sarveyor bazohlola ukuthi ngabe yithina na esimsukelayo omnikazi wesonto leli noma nguyena osephutheni ngokwakha isithabathaba sebandla elize lagamanxa emgwaqeni.

“U-Survayor, kanye nabakwa-Ombudsman bafike basho ukuthi ngempela umnikaze weSonto kumele aligudluze lihlehlele emuva ukuze ibonakale indlela yesonto.

UChris Marais ongu-Land Surveyor ukuqinisekisile ukuthi waqashwa wumphakathi wakule ndawo ukuzohlola ukuthi ngabe leli sonto lakhiwe ngendlela efanele na.

"Ngathi ngifika ngizohlola isimo ngabona ukuthi leli sonto lakhiwe lase lawela kumgwaqo ongunombolo 49, ngokohlelo lwemigwaqo. Kwabe sekwenziwa isiphakamiso ngosizo lwe-Ombudsman ukuba leli sonto kumele lihlehle ukuze uvuleke futhi umgwaqo.

Ubaba uHadebe uthi wayelokhu ehla enyuka emahhovisi kaRaj Sign oyisikhulu sikaMasipala weTheku eMnyangweni wezemigwaqo, kodwa kunokuthi asizakale ngokuvulwa kwale ndlela, umasipala ubebatshela ukuthi kayikho imali yokwakha umgwaqo.

Yize bukhona ubufakazi bokuthi indlela kayisekho, futhi sebexakekile abantu bakule ndawo njengoba sebefana neziboshwa emakhaya azo nezimoto zabo, akekho ophumela obala nokuthi kumele kwenziwe njani.

“Ngahamba ngaze ngaba mfishane ngigqigqa emahhovisi kaMasipala sifuna usizo ngalolu daba, kodwa lutho.

"URaj Singh okunguyena engathunyelwa kuyena wakubeka kwacaca ukuthi isabelo sezimali kasibavumeli ukuba bangafaka utiyela kule ndawo.

Ngamtshela ukuthi ngisho ungasafakwanga utiyela kodwa sikhala kakhulu ngokuba basivulele indlela izimoto zikwazi ukuhamba, nabosizo lokuqala bakwazi ukufinyelela nakithi uma sinenkinga singaze sifele emakhaya, izinsiza zokuthutha zikhona.

Omakhelwane bakhe uHadebe bakhala ngokufanayo.

“Okuphoxa nokusizwisa ubuhlungu kakhulu wukuthi iKhansela le ndawo uSifiso Ngcobo, wayesikhohlisa, ekhankasa ngokuthi uma sike samuvotela uzoqinisekisa ukuthi le nkinga yethu iyaxazululeka.

Esikhundleni sokusilamulela, kwavele kwakhiwa itiyela elisuka emgwaqeni omkhulu liphelela kubo kwakhe uNgcobo, akaphindanga wabuyela kuthina ngesisombululo sale nkinga.

Sizamile ukuxhumana noMasipala weTheku wathi kawukwazi ukuphawula ngalolu daba okwamanje basazophenya.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.