Uvalo emndenini umfelokazi ededelwa ngebheyili

2017-07-24 18:01

Durban - Awusabazi ubuthongo umndeni kaSbu Ngubane, 52, osadlula emhlabeni kulandela ukudedelwa ngebheyili kukankosikazi wakhe osolwa ngokumbulala.

Ngokuthola kwe-KZN Eyethu lo mndeni awuthokozile ngesinqumo senkantolo sokudedela lo wesifazane owayengunesi esibhedlea iRK Khan, u-Ethel Ngubane, 51, ngebheyili ka-R10 000.

Ilungu lomndeni igama lalo eligodliwe lithe umndeni uzizwa ungasaphephile.

OLUNYE UDABA: Umfelokazi unqatshelwe ibheyili kwelokubulala umyeni

Umseshi wecala uqinisekise ukudedelwa ngebheyili komsolwa kanjalo nomngani wakhe uNonhlanhla Mambani odedelwe ngebheyili ka-R3 000, asolwa naye ngokwakha itulo lokubulala uNgubane.

UNtobeko Dube, ongumsolwa wesithathu, yena unqatshelwe ibheyili.

Lo mfelokazi kulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo ngomhlaka-5 Septhemba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.