Uvalo endaweni kutholakala izidumbu zamadoda amane

2017-08-01 12:31

Johannesburg - Izakhamuzi zasesigodini esincane esise-Eastern Cape zishaqekile kanti sezihlalele ovalweni kulandela ukutholakala kwamadoda amane ebulewe ehlathini ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Mzukisi Fatyela uthe amadoda amane aneminyaka ephakathi kwengu-30 nengu-55 ubudala atholwe eshonile enamanxeba okugwazwa nawokudutshulwa eMpangana Village eduzane naseLibode.

Yize ezinye izakhamuzi zisola ukuthi imbangela yokubulawa kwala madoda ukwebiwa kwemfuyo nokuziphindiselela, uFatyela akakwazanga ukukuqinisekisa lokhu futhi akazange akuphikise, wathi udaba lusaphenywa.

OLUNYE UDABA:Bayavela abasolwa ngokweba imfuyo eLimpopo

"Kodwa nginesiqiniseko sokuthi bakhona abazoboshwa maduze," kusho uFatyela.

Uthe la madoda kwabikwa ngeSonto ukuthi adukile.

Ikhansela lakuwadi 8 eNyandeni, uZolani Bodoza, elivakashele endaweni yesigameko izolo, lizwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko.

"Kusolwa ukuthi la madoda athunjwa yiqulu labantu elalibasola ngokuba ngongqondongqondo bokweba imfuyo endaweni.

"La madoda anyamalala ngeSonto atholakala eseshonile ngoMsombuluko ekuseni," kusho uBodoza.

 - DispatchLIVE

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.