Durban - ULulamile Mtukwana, 41 ubhekene namacala okubulala umshayeli wetekisi uSihle Mto,22.
Lo mshayeli wadutshulwa washona ngomhlaka 24 kuMeyi ngakwinxanxathela yezitolo iCircus Triangle Mall ngesikhathi kuqubuka udlame lwamatekisi.
OLUNYE UDABA:Asagcwele amathafa amadoda abulale usomatekisi eGoli
UMtukwana waboshwa ngomhlaka 1 kuJuni eboshwa uphiko loKlebe ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa kwenzeke lesi sigameko.
Inkantolo izwe ubufakazi bokuthi uMtukwana wavakashela ihhovisi loKlebe eMthatha ezama ukubafunza ulwazi okungelona.
Ngokwemibiko yeSowetan, oKlebe bathi kubathathe isikhathi ukuthi bamubophe umsolwa ngoba ubehlala esendleleni ehambela eGoli naseThekwini.