Uvele enkantolo owaboshelwa ukungena kwakhe ngaphandle kwemvume

2017-02-11 18:30

Johannesburg - USolomon Nhlapo, umuzi wakhe oseSoweto owadayiswa yibhange lakwaNedbank ngo-R100 engazi ngo-2014, uvele eNkantolo yeMantshi yaseProtea.

Ubekwe icala lokungena endaweni ngaphandle kwemvume.

Lokhu kuyize esehlale kulo muzi kusukela ngo-1965 ngemuva kokuwushiyelwla ngumama wakhe ongasekho emhlabeni.

OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo ozinikele kwelowabulawa ngo-2010

Umuzi wakhe wadayiswa engazi ngemuva kokuthi ibhange lithi wahluleka ukukhokhela isikweletu sika-R22 000 wemali eyathathwa ngumama wakhe kuleli bhange ngo-1986.

UNhlapo uthi unobufakazi obubhalwe phansi obuveza ukuthi umama wakhe waqeda ukukhokha isikweletu ayesenze kuleli bhange, kepha ibhange lakwazi ukumdlela umuzi.

Lesi sinqumo sakhishwa yisikhulu senkantolo, hhayi ijaji, nokungumnyakazo iNkantolo yoMthethosisekelo eyanquma ukuthi uphambene nomthetho.

UNhlapo ubesevela ukwesithathu enkantolo, icala lahlehliswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.