Uvele enkantolo 'owathumba' ayemsola ngokujola nentombi yakhe

2017-06-09 08:06

Pretoria – Owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala uvele kafuphi eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesine ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza, ukuthumba nokuphanga okunesihluku.

UClement Onyeica Oghonim waboshwa ngoMashi nonyaka ngemuva kokuba umfowabo wesisulu ebikele amaphoyisa ngezinsolo zokuthumba, okwahlelwa u-Oghonim ngoba efuna ukujezisa isisulu esisola ngokulala nentombi yakhe.

Esitatimendeni esikhishwe okhulumela amaphoyisa uCaptain Daniel Mavimbela, uthe kusolwa ukuthi isisulu, okungowesilisa oneminyaka engu-21 ubudala, sahlangana nowesifazane enkundleni yokuxhumana, bahlela ukuhlangana kwa-McDonald eSunnyside.

Kuthiwa laba babehlezi emotweni yesisulu ngesikhathi behlaselwa ngabesilisa abathathu ababehlomile.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kwalimala ababili ngaseStanger

Omunye wabasolwa kuthiwa wamsabisa ngommese ngaphambi kokuba bangene emotweni yakhe, bamphoqa ukuba bahambe baye efulethini eliseSunnyside.

Abasolwa kuthiwa bafuna imali namakhadi asebhange, ayengenawo.

Umfowabo wesisulu wafonelwa watshelwa ukuba akhokhe imali ukuze sizodedelwa isisulu.

Kuthiwa ngesikhathi efika eSunnyside, umfowabo wabikela amaphoyisa ayewabone endaweni, umsolwa wabanjwa ezama ukubaleka.

Abanye abasolwa basagcwele izinkalo kanti owesifazane akaphindanga watholakala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.