Mbombela – USomlomo kaMasipala iVictor Khanye, uRobert Khaya Segone, 39, udedelwe ngebheyili ka-R20 000 eNkantolo yeMantshi yaseDelmas ngoLwesine ngezinsolo zokuhlukumeza iMenenja kaMasipala.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseDelmas, uCaptain Dinah Mashiyane, uSegone waboshwa ngoLwesibili ngezinsolo zokuthi wadonsa ngempama uMvenselwa Mahlangu, oyiMenenja kuMasipala iVictor Khanye.
“Lokhu kubhekana kwenzeka ehhovisini leMenenja kaMasipala. Umsolwa ubevalelwe esitokisini samaphoyisa kwaze kwaba ufaka isicelo sebheyili,” kusho uMashiyane.
OLUNYE UDABA: Kuvele umkhonyovu owenziwe uMasipala weTheku wezigidi zamaRandi
Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule, iMenenja kaMasipala ithe lesi sigameko sidalwe yisivimbezelo senkantolo ebisanda kusithola ngoLwesibili nesivimbela iqeqebana labesilisa abasebancane abaphazamisayo ukusebenza kumasipala.
“Kuneqeqebana labesilisa abasebancane abebejwayele ukuza emahhovisi kaMasipala kusukela ngonyaka odlule. Babephazamisa abasebenzi bese bemisa ukusebenza kaMasipala. Ngakho, ngatshela onogada ukuthi bangabe besabavumela.
“Kodwa uSomlomo ubephuma ayokhuluma nalaba besilisa abasebasha. Ube eseyalela onogada ukuthi babavumele bangene futhi bebelandela imiyalelo ngoba besaba uSomlomo.
“Ngakho, njengesikhulu kumasipala, ngathatha isinqumo sokuvikela abasebenzi bami ngokucela isivimbezelo senkantolo. NgoLwesibili, uKhaya wafika ehhovisi lami wase wangishaya ngempama, wathi ngicabanga ukuthi ngihlakaniphile,” kusho uMahlangu.
USomlomo kulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo ngomhlaka-15 kuMashi.