Uvele wahayiza unogada egwetshwa enkantolo

2017-06-10 15:30

Gweru - Kubenesiphithiphithi eNkantolo yeMantshi yaseGweru ngoLwesine ngesikhathi unogada oneminyaka engu-32 ubudala ehayiza kulandela ukugwetshwa iminyaka emine ejele ngokuzibandakanya ocansini nengane yentombazane, 13, eyenza uGrade 7 esikoleni.

UWilson Muzanenhamo waseMkoba 14 eGweru uvele phambi kwemantshi uPhathekile Msipa ngecala lokuzibandakanya ocansini nengane.

UMuzanenhamo ulivumile icala.

Imantshi yamgweba iminyaka engu-4 ebhadle ejele kodwa yamulengisela owodwa ngaphansi kombandela wokuziphatha kahle ejele.

OLUNYE UDABA: Kubulawe owesilisa ezitika ngocansi nomahosha

"Ngiyazi nginecala, kufanele ngijeziswe kodwa ngiyacela inkantolo ingizwele. Nginimndeni futhi yimi owondlayo," kusho lo nogada.

Imantshi yamtshela ukuthi "akehlise umoya".

UMsipa uthe umsolwa uhlukumeze ingane emsulwa.

"Umsolwa uzibandakanye ocansini olungaphephile nengane yentombazane ebe azi kahle ukuthi isencane, ifunda isikole futhi eyifaka engozini yokuthola i-HIV kanye nezinye izifo zocansi. Kusobala ukuthi umsolwa ubesebenzisa umsolwa ukufekezisa inkanuko zakhe njengoba enonkosikazi nezingane," usho njalo.

"Igebe leminyaka phakathi komsolwa nesisulu litshengisa khona ukuthi umsolwa ubedlala ngengane kanti kuwumsebenzi wenkantolo ukuvikela izingane."

Umshushisi u-Andrew Marimo uthe phakathi nenyanga kaMeyi, uMuzanenhamo washela isisulu naso samqoma.

"Ngomhlaka-25 Meyi, umsolwa wazibandakanya ocansini olungaphephile nesisulu ngemvume yaso," kusho uMarimo.

UMarimo uthe ngomhlaka-2 Juni, uMuzanenhamo waphinde wazibandakanya ocansi nesisulu emagcekeni asemsebenzini wakhe.

Inkantolo ilalele ukuthi isisulu sabuyela ekhaya ntambama, umkhulu waso wasibuza ukuthi siphuma kuphi.

"Isisulu satshela umkhulu waso ukuthi kwenzekeni, umkhulu wasiphelezela kuyobikelwa amaphouyisa udaba ngemuva kwalokho umsolwa waboshwa," kusho uMarimo.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.