Uvelile enkantolo osolwa ngokubulawa kwabantu eMariannhill

2017-10-17 14:01

Durban - Uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo (ngoMsombuluko) uMbongiseni Brian Shozi, 24, osolwa ngokubulala nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

UShozi ugqunywe esitokisini kuze kube uphindela enkantolo ngomhlaka-24 Okthoba eseyofaka isicelo sebheyili, kusho isitaimende samaphoyisa.

Ngomhlaka-12 Okthoba 2017 ithimba lamaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit esebenzisana namaphoyisa aKwaNdengezi abelandela imikhondo mayelana nabasolwa abebengakaboshwa esigamekweni sokubulawa kwabantu eMarriannhill.

OLUNYE UDABA:Okusha ngabasolwa kwelokubulala umndeni eMarianhill

Uphenyo lwawaholela amaphoyisa endaweni yaseMbumbulu lapho amaphoyisa athola khona abasolwa ababili ababehamba emgwaqeni owubhuqu.

Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukubamisa, kusolwa ukuthi bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, namaphoyisa aziphindiselela.

Oyedwa wabasolwa wadutshulwa wabulawa kwathi omunye wakwazi ukubaleka.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.