Uvelile enkantolo osolwa ngokushaya intombi ngefosholo, yashona

2017-08-24 18:03

Johannesburg – Sekuphinde kwavela eminye imininingwane eshaqisayo ngesigameko esinyantisa igazi sokubulala esenzeka ePlettenberg Bay, eWestern Cape, ngonyaka odlule.

Lokhu kuvele ngesikhathi lowo osolwa ngokubulala intombi yakhe ngokuyishaya ngefosholo yaze yashona, evele enkantolo eyofaka isicelo sebheyili.

Kwathi kungazelele muntu umsolwa wazwakalisa ukuthi ngeke asasifaka isicelo sebheyili.

Umsolwa usolwa ngokusebenzisa isihluku ngesikhathi eshaya intombi yakhe, 32, yaze yashona lapho babehlala khona Kwanokuthula, ngoJulayi wonyaka odlule, kubikwa iKnysna Plett Herald.

Isidumbu sentombi kuthiwa sabe sesishiywa endlini izinsuku eziyisithupha ngaphambi kokuba sitholwe amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Uthi wayediniwe owabulala umkakhe ngefosholo

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uCaptain Marlene Pieterse, lesi sigameko kukholakala ukuthi senzeka ngomhlaka-21 ngawo uJulayi.

“Uphenyo lwethu lokuqala lutshengisa ukuthi isisulu sashaywa phambi kwezingane zaso ezimbili, ezineminyaka engu-6 no-7 ubudala.

“Isisulu sashaywa izikhawu eziningi ngefosholo. Kusolakala ukuthi umsolwa wabe esebilisa amanzi wabhunyela ngawo isisulu. Kukholakala ukuthi waphinde wahlanza igazi elalikhona phansi,” kusho uPieterse.

Unanele ngokuthi umsolwa kusolakala ukuthi wabe esemboza isidumbu sentombi ngengubo yokulala, wasishiya kanjalo phansi, wagibela embhedeni walala.

Thola udaba oluphelele kwiCitizen.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.