Uvelile enkantolo 'owadlwengula' ingane ahlangana nayo kuFacebook

2018-03-26 19:31

Cape Town - Owesilisa waseLavender Hill uvele enkantolo ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, kusho umbiko.

Le ndoda, 54, iboshwe ngesikhathi abomthetho bephume umkhankaso ngesonto eledlule.

Iziphathimandla zithi umsolwa wahlangana nale ntombazane enkundleni yezokuxhumana uFacebook wabe eseyifundisa imikhuba yocansi ngaphambi kokuba ahlele ukuthi ahlangane nommangali.

Icala lihlehliselwe inyanga ezayo lapho le ndoda izonikezwa khona ithuba lokufaka isicelo sebheyili nokuthi ihlinzekwe ngommeli wamahhala.

Umsolwa ugqunywe ejele lasePollsmoor.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umkhulu odlwengule wakhulelisa umzukulu

Iziphathimandla zithi le ndoda yahlangana nale ngane ezinkundleni zokuxhumana, izenza umuntu omncane ngeminyaka yabe isiyenga isisulu ukuba siyithumele izithombe singagqokile ngenhla.

Kusolakala ukuthi le ndoda yahlela ukuhlangana nale ngane esiteshini sesitimela eRetreat ngesonto eledlule. Kwathi uma isisulu sibona ukuthi le ndoda iqambe amanga ngeminyaka yayo, safuna ukuhamba.

Kusolakala ukuthi le ndoda yaphoqa le ngane ukuba ihlale kungenjalo izosabalalisa izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana.

Le ntombazane yasebenzisana namaphoyisa ukucuphela le ndoda umgoga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.