Uvelile enkantolo owagajwa yisikhwele ‘wabulala’ intombi

2016-07-22 19:01

Durban – Uvelile eNkantolo yeMantshi yasoBonjeni, eJozini, owesilisa osolwa ngokubulala obeyintombi yakhe ngokuyidubula, kusho umbiko.

Kukholakala ukuthi uSimiso Mpontshane wahluleka ukuzilawula, wagajwa yisikhwele wase esuka eThekwini wayobulala uNomathemba Lukhele, eJozini.

Umama kamufi wethule ubufakazi enkantolo wakhala ngesihluku esatshengiswa ngummangalelwa, kubika iSolezwe.

“Wangifonela ebuza ukuthi ingane yami ikuphi, kanti uyangisesha ufuna ukuyibulala. Kumanje amawele kamufi nommangalelwa, aneminyaka emibili ubudala, akhalela mina abuza unina.”

OLUNYE UDABA: Uboshiwe obulale intombi phambi kwengane, 2

UMpontshane ubevele enkantolo ezofaka isicelo sebheyili.

UMbuso uthi umsolwa akanganikezwa ibheyili ngoba waqamba amanga ngendawo ahlala kuyo.

Kuthiwa umsolwa wayelokhu esabisa umufi ngokumbulala uma eqhubeka nokuthandana nesoka lakhe elisha.

Umufi kuthiwa wadutshulwa amahlandla ayisihlanu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.