Uvelile enkantolo umfundi usolwa ngokubulala umzala wakhe, 30

2018-03-16 07:43

Johannemsburg - Uvele enkantolo umfundi owenza umatikuletsheni eVanderbiljpark, eGauteng, uFrancois Byleveldt, ngezinsolo zokubulala umzala wakhe.

“Njengoba izinto zenzeke kanjena nje, sisakhungathekile," kusho umama walo mfundi, 18, uPetro Byleveldt, etshela iphephabhuku i-YOU ngocingo. UFrancois usolwa ngokubulala umzala wakhe uWimpie Koekemoer, 30.

Ngomhlaka-28 Okthoba nyakenye uFrancois noWimpie, ongumculi we-karaoke, kubikwa ukuthi baxabana baze babambana ngezandla, uFrancois washaya ngamanqindi uWimpie.

UWimpie washona ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke isigameko.

OLUNYE UDABA: Uboshelwe elokubulala umfundi

UPetro uthi kodwa kuningi okudidayo ngalolu daba futhi "iqiniso lizophuma".

Uchaze indodana yakhe njengengane ekhaliphile neyenza kahle ezifundweni zayo futhi inethalente kwezemidlalo.

"UFrancois udlalela iqembu lebhola lombhoxo elimele isikole."

UPetro uthe uFrancois uyathandwa kakhulu ngabangani bakhe futhi bayameseka kulesi sikhathi esinzima.

Ummeli kaFrancois, uGrant van Bochove, utshele i-YOU ukuthi uFrancois wafaka incwadi efungelwe enkantolo ethi akaqondi ukuthi kungani ebekwe icala lokubulala ngoba akambulalanga ngenhloso uWimpie.

UFrancois ungaphandle ngebheyili ka-R2 000. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.