Uvelile osolwa ngokubulala abantu emshadweni e-KZN

2018-01-03 14:01

Durban - Indoda esolwa ngokudubula ibulale abantu ababili yalimaza ababili emshadweni eMakhilimba eShowe, enyakathi yeKwaZulu-Natal, ivelile eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoLwesibili, kusho amaphoyisa.

Le ndoda, 27, ibhekene namacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala.

"Umsolwa ugqunywe esitokisini kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-9 Januwari eseyofaka isicelo sebheyili," kusho uColonel Thembeka Mbhele.

Usolwa ngokudubula ubaba kamkhwenyana, uMbhekiseni Petros Mthethwa, 45, nowayehambele umshado uSipho Mzimela-Mnguni ngomhlaka-27 Disemba 2017. Zombili lezi zisulu zashona.

OLUNYE UDABA:Umkhwenyana ukhiphe amahlazo kamakoti obemjolela emshadweni

Ezinye izisulu zaphuthunyiswa esibhedlela, kusho uCaptain Nqobile Gwala etshela abeNews24 ngaleso sikhathi.

"Kwakunomshado emzini wakwaMthethwa ngoLwesithathu. Indodana yomufi (uMthethwa) yayishadelwa ngalolo suku abantu besajabula," usho njalo.

UGwala uthe umsolwa wafika ngezithuba zabo-20:00 wafike wavulela ngenganono, wadubula abantu abane ngaphambi kokuba abaleke ngonyawo.

Le ndoda yaboshwa ngoLwesihlanu ngomhlaka-29 Disemba ngemuva kokuba uConstable Thuthukani Khuzwayo wamaphoyisa aseShowe esukumele lolu daba ngokushesha kulandela ukuncinzwa indlebe ngezinhlelo zomsolwa owayehlele ukubalekela eThekwini.

UKhuzwayo wasebenzisa imoto yakhe ukujaha umsolwa okwakubikwe ukuthi usesitobhini ucela ulifti obheke eThekwini kubashayeli eGingindlovu.

UKhuzwayo nguye owagibelisa le ndoda wayihambisa esiteshini samaphoyisa aseGingindlovu. Umsolwa waboshwa  ngemuva kokuba kutholwe impahla enegazi esikhwameni sakhe, kusho uGwala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.