Uvelile osolwa ngokubulala umqashi kababa wakhe

2016-07-25 17:31

Bloemfontein – Owesilisa osolwa ngokubulala ikhehla, 73, laseBloemfontein, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaleli dolobha, icala lahlehliswa.

Lokhu kuvezwe amaphoyisa aseFree State ngoMsombuluko.

Icala libe selihlehliselwa umhlaka-29 Julayi ukuze afake isicelo sebheyili, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Chaka Marope.

UKhotso Patrick Jiji waboshwa ngoLwesihlanu kulandela ukuthi amaphoyisa elunywe indlebe, kusho uMarope.

Watholakala nomakhalekhukhwini kamufi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngelokubulala eKapa

UHendrik Knoetzer watholakala eboshwe izandla nezinyawo emzini wakhe osePellissier ngesonto eledlule ngoMsombuluko, enengozi ekhanda.

Isidumbu sakhe satholwa ngumakhelwane.

Kukholakala ukuthi uKnoetzer wabulawa ngesikhathi engenelwa yizisgebengu.

UMarope uthe ubaba kaJiji ubesebenzela umufi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.