Uvelile osolwa ngokudlwengula ingane wase eyipha u-R10

2016-07-28 17:31

Elukwatini – Uzogqunywa esisotikisi owesilisa, 53, waseMpumalanga osolwa ngokudlwengula intombazane, 11, wase eyinikeza u-R10 eyivala umlomo ngalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa ase-Elukwatini uSergeant Peace Mbokane uthe imibiko iveza ukuthi le ngane yayisendleleni iyovakashela abangani bayo ngesikhathi idlwengulwa.

Uthe umsolwa, engeke likhishwe igama lakhe ngoba akakalivumi noma aliphike icala enkantolo, wadlwengulela le ngane kwakhe.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ibhungu ngelokudlwengula ugogo walo

"Ngemuva kokuyidlwengula, le ngane ayizange ibabikele abazali bayo ngalesi sigameko. Abazali nokho baba nokusola, base beyisa le ngane emaphoyiseni.

“Amaphoyisa ayidlulisela esibhedlela ukuze iyohlolwa, odokotela baqinisekisa ukuthi inukubezwe ngokocansi,” kusho uMbokane.

UMbokane uthi ingane yabe isigonyuluka yathi yadlwengulwa umsolwa wase eyifumbathisa u-R10 ukuze ingathi vu ngalolu daba.

"Umsolwa wabe eseyalivuma icala, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Eerstehoek, icala lahlehliswa.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.