Uvelile osolwa ngokushumpula ikhanda lomqwayizi

2017-02-07 13:00

Bulawayo - Ivelile enkantolo indoda eneminyaka engu-32 ubudala yaseHarare esolwa ngokushumpula ikhanda lomqwayizi ngesonto eledlule kulandela ingxabano.

Umsolwa, uStuart Dickson Tembo, uvele phambi kwemantshi yeNkantolo yeMantshi yaseHarare, uRambidzai Mugwagwa ngecala lokubulala.

UTembo ugcinwe esitokisini aze aphinde avele enkantolo ngomhlaka-20 Febhuwari.

OLUNYE UDABA: Kubulawe owesilisa ezitika ngocansi nomahosha

Kusolwa ukuthi ngoLwesine olwedlule, uTembo waya enxanxatheleni yezitolo iMverechena, eDomboshava, eyophuza ubhiya, kwathi esalapho waqasha umqwayizi uJuliet Kadungure. Bavumelana ngemali elinganiselwe kwengu-R135 yokuzithokozisa ubusuku bonke emzini kaTembo oseBorrowdale.

Ngesikhathi befika eBorrowdale, uTembo kusolakala ukuthi waqhuba uKadungure baya ehlathini lapho abafike bazitika khona ngocansi ngaphambi kokuba kuqhubuke ingxabano.

UTembo usolwa ngokushaya uKadungure esiphongweni ngebhodlela likabhiya waqhubeka wamnquma uqhoqhoqho emubulala ujuqu.

Ngemuva kwesigameko uTembo wabaleka neselula kamufi. Waboshwa ngosuku olulandelayo.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.