Uvelile owadubula wabulala umuntu bexabana ejoyintini eKZN

2018-04-23 14:04

eSt Lucia - Owesilisa obhekene necala lokudubula abulale omunye ngemuva kwengxabano ababenayo ejoyintini endaweni yaseKhula eSt Lucia uvelile enkantolo.

UPhilasande Maphanga oneminyaka engu-28 ubudala ubhekene necala lokudubula uDumisani Sibusiso Mantengu, 34.

Amaphoyisa abizelwe kule ndawo ngemuva kwalesi sigameko nokuyilapho ethole umsolwa esaphethe isibhamu esakhombe isisulu esasilele edamini legazi.

OLUNYE UDABA:Bazovela enkantolo ababoshwe ngesigameko saseMoses Mabhida Stadium

UMaphanga wayalelwa ukuba abeke phansi isibhamu, kwase kuba wukuboshwa kwakhe lokho.

Okhulumela amaphoyisa aseMtubatuba uCaptain Justice Hlabisa uthi yize isibhamu sikaMaphanga sisemthethweni, udlame olufana nalolu kalwamukelekile neze.

Lo msolwa uvele ngesonto eledlule eNkantolo kaMantshi eMtubatuba lapho adedelwe khona ngebheyili.

Kulindileke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-25 Meyi 2018, kubika iZululand Observer.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.