Uvelile owesifazane kutholakala injini yemoto eyebiwe kwakhe

2017-10-24 16:01

Durban - Amaphoyisa aseShowe abematasa endaweni yaseNkanini, khona eShowe eqhuba umsebnzi wawo mayelana nemoto eyebiwe yase iyahlakazwa.

Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini ohlonziwe, afice umnikazi womuzi ase asesha umuzi. Ngesikhathi esesha athole injini yemoto egaraji lomuzi.

"Kwenziwa uphenyo kwatholakala ukuthi le njini etholwe kulo muzi ngeyemoto eyebiwa ePinetown ngenyanga ephelile. Kuphinde kwashaqwa namanye amaphathi emoto," kusho isitatimende.

Kuboshwe umsolwa, 56, wathweswa icala lokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseShowe namuhla (ngoLwesibili).

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owazama ukudayisa imoto eyebiwe yephoyisa elabulawa

Khonamanjalo, kwesinye isigameko esenzeke izolo ebusuku, amaphoyisa aseMhlali ophiko lwe-K9, awaKwaDukuza nonogada benkampani ezimele basebenze ndawonye endaweni yasoThukela eqhuba umkhankaso.

La maphoyisa aye emzini lapho okushaqwe khona izimoto ezimbili okusolwa ukuthi zebiwe; okuyimoto yohlobo lweToyota Yaris eblue neyohlobo lweToyota Verso empunga.

Uphenyo luveze ukuthi imoto eyodwa yebiwe eBrighton Beach kule nyanga kanti enye yebiwa ngoFebhuwari nonyaka endaweni yasePhoyinti, enkabeni yeTheku.

Ngokwesitatimende samaphoyisa kuboshwe abasolwa ababili, oneminyaka engu-21 noneminyaka engu-42 ubudala ngokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

La basolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo yaKwaDukuza kuleli sonto uma sebethweswe amacala.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa, uMajor-General Bheki Langa, ushayele ihlombe amaphoyisa ngokuthola impahla eyebiwe.

"Lokhu kukhombisa ukuthi ukutshalwa kwamaphoyisa esifundazweni kunemiphumela emihle," esho.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.