Uvelile owesifazane owaqamba amanga ngokuthi wathunjwa

2016-08-01 19:01

Polokwane - Sizozwakala lingakapheli isonto isinqumo senkantolo sowesifazane waseLimpopo osolwa ngokuqamba amanga ukuthi wathunjwa.

UBerdine Ronel Jordaan uvele enkantolo yeMantshi yasePlokwane ngecala lokuthumba, ukuqamba amanga nokuphambana nengalo yomthetho.

OLUNYE UDABA: Ube muncu uJabu Hlongwane owesilisa ecela intombi-Umbiko

Icala lihlehliselwe umhlaka-8 Agasti ezofaka isicelo sebheyili kahle. UJordaan, 29, waboshelwa ukuzenza othunjiwe kanye nendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu nenye intombazane engaziwa eneminyaka engu-14 ubudala eLadanna, ePolokwane, ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe eLimpopo uCaptain Matimba Maluleke uthe bathola imininingwane kumyeni kaJordaan ethi unkosikazi wakhe uthunjwe ngabantu abangaziwa eLadanna ngoLwesithathu olwedlule.

Uthe udaba baluphenya bathola imoto yesisulu ipakwe emgwaqeni eLadanna iminyango ivuleke yonke gengelezi.

"Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, lwaholela emzini oseMusina ongamakhilomitha angu-200 nasePolokwabe. Ngesikhathi sifika kulo muzi sawisesha sathola izisulu ezintathu zicashe ekhabetheni," kusho uMaluleke.

Uthe lo wesifazane waphoswa imibuzo kwatholakala ukuthi akukaze kuthunjwe muntu.

"Kunalokho lo wesifazane nguye owathumba intombazane eneminyaka engu-14 ubudala, imbangela yalokho ayaziwa," usho njalo.

UJordaan ubekhala enkantolo izolo ethi akamuhleni empilweni, kade ebuyisa, ephalaza igazi kusukela ngoLwesine olwendlule. Imantshi UJoycel Abrahams ube esenza izinhlelo zokuba uJordaan abonane nodokotela ngaphambi kokuba afake isicelo sebheyili enkantolo ngesonto elizayo.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.