Uvelile owesilisa obhekene namacala amabili okubulala

2017-09-06 17:59

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseSoshanguve ngoLwesibili ngamacala amabili okubulala.

URichard Wisani Mabunda, 25, ubhekene namacala okubulala uMariam Tiane, 48, nendodana yakhe uTshepo, 30, esigcemeni sakwa-R eSoshanguve, ngoMgqibelo.

Ngokubika kwephepha lomphakathi iRekord East uPuleng Baloyi, oyisihlobo salo mndeni, utshele leli phephandaba ngoLwesibili ukuthi lesi sigameko siwuthuse kabi umndeni.

OLUNYE UDABA:Umfana, 12, ugwazwe amanxeba angu-33 edlala ibhola epaki

UMabunda usolwa ngokugwazwa lo wesifazane nendodana yakhe amahlandla ambalwa ekhaya labo.

Icala lakhe lihlehliselwe uLwesibili oluzayo lapho azofaka khona isicelo sebheyili.

Kwesinye isigameko, amaphoyisa aseMossel Bay, eWestern Cape, athungatha owesilisa obhekene namacala okubalwa kuwo awukudlwengula, ukweba nokuzama ukubulala.

Okhulumela amaphoyisa uMalcolm Pojie uthe owesifazane, 43, wahlangana nomsolwa egalaji ngesonto eledlule, lapho amcela khona ukuba amsize ufuna ukuyothenga izidakamizwa.

Lo wesilisa wabe esethi uzohambisa lo wesifazane ePacaltsdorp, kepha wayijika indlela imoto yaya eGreat Brak River lapho okusolakala ukuthi wafike wamdlwengulela khona wazama nokumklinya.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.