Uvelile owesilisa owaboshelwa ukuzibandakanya ocansini nena-14

2016-08-13 10:03

Bulawayo - Indoda eneminyaka engu-24 ubudala, uGilbert Machiri itshele inkantolo ukuthi intombazane eneminyaka engu-14 ubudala yayiphamba ukuthi izibandakanye nayo ocansini.

UMachiri uthe le ngane yiyo eyamfensa yamenza ukuba azitike ocansini nayo yaze yamtshela nokuthi ayiseyona intombi nto.

UMachiri ulivumile icala lokulala nentombazane eneminyaka engu-14 ubudala kodwa waphila ukuthi uselale nayo izikhawu ezimbili wathi walala nayo kanye, kubika iManiac.

OLUNYE UDABA:  Uthole isibhaxu obanjwe nemiqhafazo enconywa yishende

"NgoJulayi le ngane yayiphuma eDora ilibangise ekhaya.

"Endleleni yayo yahlangana noMachiri wayishela. Le ngane yamqoma base behlukana.

"Ngomhlaka-1 Agasti le ngane yabaleka yayakuMachiri ngezithuba zabo-18:00 ngesikhathi isakhuluma noMachiri kwafika abazali bayo.

"Yabuzwa ngumama wayo ukuthi ifunani kwaMachiri yathi ithandana naye uMachiri yathi futhi sebelale kabili," kusho umshushisi uFletcher Kurobe.

Udaba lwabikelwa amaphoyisa waboshwa uMachiri, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.