Uvelile ujele owatholakala nensangu emsebenzini

2017-10-10 07:10

Johannesburg - Ujele wasejele lasePitoli livelile enkantolo ngezinsolo zokudayisa umthunzi wezinkukhu ejele iBaviaanspoort Correctional Centre.

UThomo Ngoato uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseCullinan namuhle (ngoMsombuluko).

Ukuqulwa wkecala lakhe lokutholakala nensangu kudingeke ukuba lihlehliswe ngemuva kokuba ummeli wakhe uTuelo Mokgara ecele ukuba lihlehliswe, ethi uuaygula, uphethwe yizinyo elinkenkethayo.

OLUNYE UDABA:Uthi bekungeyehhashi lakhe insangu

"Kufanele ngiyobona udokotela. Ngiziqinisile njengoba ngila enkantolo," kusho uMokgara etshela inkantolo.

IMantshi uVictor Mabunda ivumile ukuba kuhlehle ukuqulwa kwecala, walihlehlisela umhlaka-23 Okthoba. 

UNgoeto wadedelwa ngebheyili yemali engu-R4 000 ngoFebhuwari.

Ngokwamaphepha asenkantoolo, uNgoato waboshwa ngomhlaka-30 Januwari emsebenzini ngemuva kokutholakala nensangu enesisindo esingu-196.88g.

UNgoato usolwa ngokuphula umthetho iDrug Trafficking Act "ngokudayisa noma ukuzama ukungenisa insangu ejele".

Umsolwa uliphikile icala.


 - Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.