Uveze ukuthi 'angase ayishiye iDowns' uma eqhubeka nokungadlaliswa

2017-11-15 16:00

Johannesburg - Nakuba ezimisele ngokulwela indawo yakhe, umdlali wasesisiwni weMamelodi Sundowns ongasalitholi ijezi, uMogakolodi Ngele, usezwakalise ukuthi kungase kudingeke acabange ngekusasa lakhe uma amathuba eqhubeka nokungawatholi kule kilabhu.

"Okubaluleke kakhulu ukudlala,” kusho uNgele, obedlala eqenjini labo elidlala kwiMultichoice Diski Challenge ngesikhathi iSundowns ishaywa ngo-3-0 yiSuperSport United eThekwini ngempelasonto.

"Uma ungadlali, asikho isidingo sokuhlala.

"Kumele uthole ikilabhu ozodlala kuyona. Kudingeka ngithole indlela yokuba ngidlale futhi [eqenjini elikhulu]."

OLUNYE UDABA: IBafana inenkinga yokufaka amagoli - Zungu

UNgele ubuyele kwiSundowns ekuqaleni kwesizini kodwa ukulimala edolweni nokungayitholi ngesikhathi imvume yokusebenza kuleli kumenze wangakwazi ukudlala.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uthi akanankinga nokulwela indawo yakhe kwiDowns ngoba uyazi ukuthi ukuncintisana kukhona kuwona wonke amakilabhu.

“Ngizosebenza ngokuzikhandla ukuze ngibuyele eqenjini elikhulu ngoba ngifuna ukubanesandla empumelelweni yalo kule sizini,” kusho uNgele.

UNgele walile ukuphawula ngemibiko ethi i-Orlando Pirates ifuna ukumsayinisa.

- Sowetan Live

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.