Uvulele ngenhlamvu ebhekise kubafundi ebebebhikisha

2017-10-05 16:00

Port Elizabeth - Abantu abane ebebegibele imoto kanokusho – oyedwa ehlomile – basuse umsindo ngesikhathi bevulela ngenhlamvu ngoLwesithathu bebhekise kubafundi ebebebhikisha eNelson Mandela University, ePort Elizabeth.

Ngemuva kwalokho, bavimbezele abesifazane ababili ebebehamba ngemoto eSummerstrand  kanti phambilini, bakhombe unogada ngesibhamu.

Ngemuva kwalezi zigameko, bavinjezelwe ngamaphoyisa ku-M14 baboshwa.

Umshayeli oneminyaka engu-27 ubudala obehamba ngemoto yohlobo lweFord Ranger Wildtrak uboshiwe, kanye nabanye abantu abathathu ebebephakathi emotweni.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala elibhekene nesishoshovu sabafundi

Bonke baneminyaka ephakathi kuka-27 n-35 ubudala.

Ngesikhathi beboshwa, umshayeli kanye nomunye obesemotweni bebeqimbile.

Emotweni kuthiwa kutholakale inqwaba yamabhodlela otshwala.

Abasolwa kulindeleke bavele enkantolo ngamacala okuzama ukubulala nokuqhumisa isibhamu emphakathini.

 - Herald Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.