Uvulelwe icala lokushaya umka Mengameli

2017-08-15 09:33

Johannesburg – Owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala uthi ushaywe ngunkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe ngentambo kagesi eSandton ngeSonto ebusuku.

UMugabe angase abhekane necala ngezinsolo zokushaya eNingizimu Afrika.

Umthetho wokungashushiswa kwezithunywa zikahulumeni noma osopolitiki ungasebenza kuphela kulolu daba uma kungukuthi umka Mugabe ubekuleli ngokomsebenzi, kusho okhulumela uMnyango wezobudlelwane namazwe omhlaba uClayson Monyela kwi-IOL. 

IZimbabwean Mail ibike ukuthi uGrace Mugabe ubekuleli ngoba ezohlolwa unyawo kulandela ingozi eyenzeka esikhumulweni sezindiza eHarare.

UGabriella Engels ngoMsombuluko uthe ubevakashele amadodana kaMugabe eCapital 20 West Hotel, ahlangano nawo ngoMgqibelo.

U-Engels uthe unogada wacela ukuba yena nomngani wakhe baphume egunjini elalinezelamani, bayolinda kwelinye igumbi ngaphambi kokuba umka kuMagebe angene amshaye.

OLUNYE UDABA: Kuiqinisekiswe ukushona kukaNgqongqoshe oshayeke phansi

"Ngesikhathi uGrace engena endlini ngangingamazi. Ungene ephethe intambo kagesi, wangikhwelela ngesibhaxu,” kusho u-Engels etshela iNews24 ngocingo.

U-Engels uthe uGrace Mugabe ubemsola ngokuthi uhlala namadodana akhe. 

"Onogada bakhe abayishumi bebemile nje bebukela, akekho nozame ukungisiza.”

U-Engels uthi uvule icala lokushaywa ngoMsombuluko ntambama.

Le ntokazi engunobuhle ithi ingase iphelwe umsebenzi ngenxa yesibazi esithole ebusweni kade ishaywa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.