Uvutha ungabaselwe umndeni ngokulimala kwengane enkulisa ePMB

2017-05-25 16:01

Pietermaritzburg - Uvutha ungabaselwe umndeni wengane enezinyanga ezingu-12 izelwe efunda enkulisa, eMbali, eMgungundlovu ngemuva kokuyithola isesimeni esibi kulandela ukushaywa.

Ngokombiko we-KZNEyethu le ngane itholwe ivuvukele umlomo, ikwebhekile futhi ivaleke namehlo.

NgoLwesine olwedlule ugogo wengane wathola ucingo oluvela enkulisa ebikelwa ngokulimala kwengane.

OLUNYE UDABA: Ishonile ingane okusolakala ukuthi ikhingcwe wubisi enkulisa

Wabe esebabela khona wafika watshelwa ukuthi izingane bezilele othisha befunza ezinye ngaphandle, kwathi enye esikwazi ukuzihambela yagibela phezu kwale yakhe yayikhwelela ngesibhaxu.

Lo gogo uqhube ngokuthi wanikwa imali engu-R200 ukuze afake uphethiloli kwazise wayehamba ngemoto, base bexolisa.

Ugogo wengane uqhube wathi ingane wayiphuthumisa esibhedlela wase eqonda emahhovisi osonhlalakahle akuLangalibalele Street eyobika udaba.

Uthe efika kula mahhovisi watshelwa ukuthi kufanele aqale kwaMbilakhahlela ngaphambi kokufika kula mahhovisi kodwa wagcina engasakwazanga ukufinyelela khona ngoba wayesehambe kakhulu.

Lo gogo uphethe ngokuthi kumphatha kabi lokhu ngoba akusikho okokuqala ezithola enenkinga nale nkulisa njengoba ngomhlaka-8 Meyi kulo nyaka le nkulisa ike yamgila waphetha ngokuthi isigcino uyobizwa eseyolanda isidumbu.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.